ReePrime
M.C Madlala - Umbulali

Hosted by Dailymotion. For legal issues report at the Copyright Center, report us on DMC, or use the Instant Removal tool.

M.C Madlala - Umbulali

P
PoemHunter.com

59 Views • Jun 17, 2014

Description

Kungani enikezwa ibail ngoba ubulele
Kungani kuthiwa ungumsolwa ebe ebulele,
Uyachanasa ngaphandle umfowethu yena ulele
Kanti kungani engagqunywa ejele
Kuthiwa abukho ubufakazi
Ukubulala akuseyilo icala kanti?
Umbulali akaseyikufa yini kanti?
Uyababulala akabadli yini inhloso kanti?

Bafela imishwalense, hawu mali ngokuba
Impande yesono, bafuna imali
Abasesabi ngisho isono.
Babulala osomatekisi bebizwa ngezinkabi
Ukuthula ematekisini phansi izikhali.

Kanti usayaphi unembeza ebantwini?
Okotshwala abantu bajika esiswini.
Ngithi ungumngani kanti uthi lala lulaza
Thatha konke okwami ugweme ukubizwa ngombulali

Ababulali baphila eside isikhathi,
Kufa abafowethu abalungile,
Kodwa uma kuyintando yakho
Baba kulungile, amabread winner alele
Kodwa ababulali abayi ejele.
Kuthiwa ababulali benza ubulwane
Kodwa asikho engake ngasibona
Siphethe isibhamu, kudlalwa ngazo
Ngoba zingenakuziphungela.

Phansi umoya ukuthula
Makwande ebantwini! ! !

M.C Madlala

http://www.poemhunter.com/poem/umbulali/